UDlungwana kaNdaba!
UDlungwana woMbelebele,
Odlung’ emanxulumeni,
Kwaze kwas’ amanxulum’ esibikelana.
UNodumehlezi kaMenzi,
USishaka kasishayeki kanjengamanzi,
Ilemb’eleq’ amany’amalembe ngokukhalipha;
UShaka ngiyesab’ ukuthi nguShaka,
UShaka kuyinkosi yasemaShobeni.
UNomakhwelo ingonyama;
UMahlom’ ehlathini onjengohlanya,
Uhlany’ olusemehlwen’ amadoda.
UDabaz’ ithafa ebeliya kuMfene;
UNomashovushovu kaSenzangakhona,
UGaqa libomvu nasekuphatheni.
UBholokoqa bazalukanisile,
Zalukaniswe uNoju noNgqengenye,
EyakwaNtombazi neyakwaNandi;
Yayikhiph’ eshoba libomvu,
Ikhishwa elimhlophe lakwaNandi.
Bambiz’ eMthandeni beyisela,
Bathi ‘Singesinelane neNtungwa lasenhla’,
Kanti uzawudl’ uPhakathwayo emphindelweni.
UVumavumane lukaphephe,
UDlungwana wavuma na?
Umvumeleni uGodolozi,
Ethi ngowanganeno kwaNandi,
Kant’ ukude kwaNtombazana?
Ilanga eliphahl’ elinye ngemisebe,
Kalokhu liphahl’ eliseMthandeni.
Amazwi mabili engiwabongayo,
Ngibong’ elikaMpandaba nelikaNdungenkomo,
Bethi “Ucu aluhlangan’ entanyeni”;
Akenibuze kwabaseZinkondeni,
Bath’uHilwayo bayakumhlaba kwaHlokohloko,
Kwaf’ amasi kwaf’ uqephe.
Teku lwabafazi bakwaNomgabhi,
Betekula behlez’emlovini,
Beth’ uShaka kakubusa kakuba nkosi,
Kant’ unyakan’ uShaka ezakunethezeka.
Inkom’ ekhal’ eMthonjaneni,
Izizwe zonke ziyizwil’ ukulila,
Izwiwe uDunjwa waseluYengweni,
Yezwiwa uMangcengeza wakwaKhali.
UMlilo wothathe kaMjokwana;
UMlilo wothathe ubuhanguhangu,
Oshis’ izikhova eziseDlebe,
Kwaya kwasha neziseMabedlana.
Odabule kuNdima noMgovu,
Abafaz’ abenendeni baphuluza;
Imikhubulo bayishiy’ izinqindi,
Imbewu bayishiya semahlangeni,
Izalukazi zasala semanxiweni,
Amaxhegu asala semizileni,
Iziqu zemithi zabheka phezulu.!!!!!!


Henry Cele as 'Shaka Zulu' the movie released in 1986   Uniforms of Zulu regiments 1824, Amabutho kaZulu

Comments

comments

About The Author